Grade 12 IsiZulu First Additional Language Past Paper

Grade 12 [Matric: IsiZulu] past papers and memos

IsiZulu First Additional Language Paper 1 2019

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO

  1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU:
    ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30)
    ISIQEPHU B: Ukufingqa (10)
    ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40)
  2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha.
  3. Qala ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA.
  4. Dweba umugqa emva KWESIQEPHU NGASINYE.
  5. Bhala izinombolo zezimpendulo kahle ngendlela ezihlelwe ngayo kuleli phepha lemibuzo.
  6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye.
  7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho.
  8. Ukwabiwa kwesikhathi okuncomekayo:
    ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50
    ISIQEPHU B: Imizuzu engama-20
    ISIQEPHU C: Imizuzu engama-50
  9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.


ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1

1.1. Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO A (OFUNDWAYO)

Screen Shot 2022-09-08 at 2.29.00 PM
Screen Shot 2022-09-08 at 2.32.16 PM

1.1.1. Yisiphi isipho sempilo okukhulunywa ngaso kule ndaba oyifundile? (1)

1.1.2. Yini evimbela abanye abantu ukuthi banganikeli ngezitho zomzimba ngokwesigaba soku-1? Bhala OKUBILI. (2)

1.1.3. Ubonakala kanjani umuntu onikela ngezitho zomzimba ngokwesigaba sesi-2? Bhala iphuzu ELILODWA. (2)

1.1.4. Khetha impendulo eyodwa kulezi ozinikiwe:
UWashkansky wabulawa …
A) isifo senhliziyo
B) isifo sofuba
C) isifo senyumoniya
D) ingozi yemoto (1)

1.1.5. Lwalwenziwe kanjani ucwaningo lokuqala lokufakela izitho zomzimba komunye umzimba? (2)

1.1.6. Bhala izitho zomzimba EZIMBILI onganikela ngazo kothandiweyo wakho ukuze niqhubeke nokuphila nobabili. (2)

1.1.7. Sizathu sini esenza ukuthi izindleko zokuhlinzwa komuntu zikhokhwe umshwalense walowo onikelelwayo? (2)

1.1.8. Yisiphi isenzo sikaJeni Stepien esikhombisa ukuthi wayemthanda kakhulu ubaba wakhe? (2)

1.1.9. Chaza lezi zimo zokukhuluma ezibhalwe ngokugqamile njengoba zisetshenzisiwe endabeni.
(a) Abantu abayi nganxanye bengemanzi. (2)
(b) Ukufa nokugula kudla fumuka kudle silaza. (2)

1.1.10. Kubaluleke ngani ukuthi umuntu azikhethele yena esaphila ukuba kunikelwe ngesitho sakhe uma eseshonile, kungabi isinqumo somndeni? (2)

1.1.11. Kungabe IQINISO noma UMBONO ukuthi umuntu obhema kakhulu angeke akwazi ukunikela ngamaphaphu akhe? Sekela impendulo yakho. (2)

1.1.12. Phawula ngokwenkolelo yakho ngesenzo sokunikela ngezithom zomzimba kulabo abazidingayo. (2)


1.2.
Bukisisa UMBHALO B bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO B (OBUKWAYO)

Screen Shot 2022-09-09 at 8.39.14 AM

1.2.1. Bhala okwenza abazali bakaLinda bangakwazi ukubona ubusobendodakazi yabo esithombeni soku-1. (1)

1.2.2. Yini ekhombisa ukuthi isithombe soku-1 sathathwa kusakhulumaumama kaLinda? Bhala OKUBILI. (2)

1.2.3. Yini eyenza sicabange ukuthi uthishomkhulu, uNkk. Wizardukhuluma nabantu abaningi kulesi sithombe sesi-2? (1)

1.2.4. Kungabe isithombe sesi-2 siphumelele yini ukusethulela/ukusivezela uMel njengengane engahloniphi? Sekela impenduloyakho. (2)

AMAMAKI ESIQEPHU A: 30


SIQEPHU B: UKUFINGQA

UMBUZO 2
Fundisisa UMBHALO C ongezansi bese uwufingqa ngamaphuzu ayi-7 ubhale ngokubaluleka kolwandle.

IMIYALELO

  1. Bhala ngemisho ephelele. Amagama angeqi/angadluli kwangama-60.
  2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7.
  3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye.
  4. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama owasebenzisile.

UMBHALO C (OFUNDWAYO)

UKUBALULEKA KOLWANDLE

 

Umhlaba uzungezwe ulwandle ngamaphesenti angama-70. Ulwandle lubaluleke ngezindlela eziningi ezahlukene.

Ulwandle lunamanzi afudumele kanye nabandayo. Izilwane ezifana nezinhlanzi, imikhoma, nezinye zihlala olwandle kuphela. Ukuphumela kwazo ezweni kusho ukuphela kwempilo yazo.

Kukhona amazwe kanye neziqhingi okufanele uma uya kuzona unqamule olwandle. Ezokuthutha ziyalusebenzisa ulwandle ukuhambisa izimpahla, imikhiqizo nezivakashi emazweni ahlukene. Lokhu kuqinisa ubudlelwane bamazwe akude naseduze.

Imisebenzi ayitholakali kalula emazweni amaningi. Ulwandle lunamathuba amaningi emisebenzi esiza ukukhuphula izinga lomnotho. Lokhu kusiza imindeni nemiphakathi ebulawa yindlala.

Olwandle kunemikhumbi nezikebhe ezinhle ezifana namahhotela ngaphakathi. Abantu bayangcebeleka olwandle benze nezindumezulu zemicimbi efana nemishado, ukugubha usuku lokuzalwa neminye. Lokhu kushiya izinkumbulo ezingapheli ezimpilweni zabo.

Kunezinkolelo abantu abanazo mayelana nokusebenzisa ulwandle. Kukhona abasebenzisa amanzi olwandle ukwelapha izifo zesikhumba, ukubhabhadisa nokulahla kulo imilotha yabangasekho. Lokhu bakwenza ngoba benethemba lokuthi ulwandle lungabasiza.

Izinga lemidlalo nemincintiswano yasemanzini liya ngokwanda. Imincintiswano yokugwedla ngezikebhe, ukubhukuda, i-surfing neminye yenzelwa nasolwandle. Ngenxa yale midlalo abanye bagcina sebengosaziwayo.

Zonke izinsuku abantu baya olwandle ngezizathu ezahlukene. Ulwandle lungenye yezinto ezisetshenziswa ukupholisa ikhanda kubantu abanokhwantalala (stress) nesizungu. Babuya bezizwa bengcono.

Kufanele abantu baluhloniphe futhi balugcine luhlanzekile ulwandle ngenxa yokubaluleka kwalo.

[Umbhalo wokuziqambela]

AMAMAKI ESIQEPHU B: 10


ISIQHEPHU C: IZAKHIWO KANYE NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI

UMBUZO 3
Bukisisa UMBHALO D bese uphendula imibuzo ezolandela.


UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

3.1. Siqondiswe kobani lesi sikhangisi? (1)

3.2. Bhala OKUBILI abaseBukhazikhazi Hotel abakunika amakhasimende abo. (2)

3.3. Guqula lo musho olandelayo ube inkathi yamanje eqhubekayo.
Kukhokhwa idiphozi engama-70% ngaphambi komcimbi. (1)

3.4. Guqula igama elikubakaki liveze umqondo okhombisa ukwenzela kulo musho olandelayo:
Konke lokhu (sikwenza) ngamanani alingene iphakethe lakho. (1)

3.5. Khetha uhlobo lwesifenqo oluqukethwe yilo musho olandelayo:
Le ndawo ithatha abantu abayi-100 kuya kwabayi-1 000:
A) Isifaniso
B) Isingathekiso
C) Uteku
D) Isenzasamuntu (1)

3.6. Tomula amagama anolimi oluphoqayo asesikhangisweni. (2)

3.7. Ngokucabanga kwakho kungabe ezokuphepha ziqinisiwe eBukhazikhazi Hotel? Sekela impendulo yakho. (2)

[10]


UMBUZO 4
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

Screen Shot 2022-09-09 at 9.05.45 AM

4.1. Kungani uZikode ezwakala njengomuntu ongathembekile? (2)

4.2. Bhala igama eliyisabizwana sokukhomba kulo musho olandelayo bese ulisebenzisa emshweni ozakhele wona:
Bazobamba yonke le mali yami yempesheni. (2)

4.3. Guqula igama elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo likhombise ukuphika/ukulandula.
Ngantshontsha imali emsebenzini. (1)

4.4. Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe ukuchaza isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo:
Uyazi dokotela ngiswele umgodi wokucasha:
A) Ukuba namahloni
B) Ukuba nosizi
C) Ukuba nobugebengu
D) Ukuba namanga (1)

4.5. Tomula isibanjalo kulo musho olandelayo bese usisebenzisa emshweni ozakhele wona.
Udokotela ufuna ukusiza uZikode ukuthi abe ngumuntu oqotho futhi. (2)

4.6. Ukuba wena ubunguDokotela Khoza, ubuzoqhubeka umsize yini uMnu. Zikode? Sekela impendulo yakho. (2)

[10]


UMBUZO 5
5.1. Fundisisa UMBHALO F bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO F (OFUNDWAYO)

5.1.1. Lo musho olandelayo uqukethe luphi uphawu lokuloba?
Hheyi bakwethu! (1)

5.1.2. Nciphisa igama elibhalwe ngokugqamile bese uzakhela umusho ophelele ngalo.
Impela isikhathi sesidliwe yinja. (2)

5.1.3. Hlobo luni lwebizo elibhalwe ngokugqamile emshweni olandelayo:
Iqembu lezigebengu nalo alizibekile phansi. (1)

5.1.4. Guqula amabizo abhalwe ngokugqamile emshweni olandelayo abe isandiso sendawo (ondaweni).
Amadolobha agudle ulwandle kugada amaphoyisa amaningi. (2)

5.1.5. Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe usho ukuthi uluhlobo luni lo musho olandelayo:
Kufakwa amaphoyisa amaningi ezindaweni ezigudle ulwandle ngoba abantwana bayalahleka kulezi zindawo.
A) Umusho oqondile
B) Umusho ombaxa
C) Umusho omagatshagatsha
D) Umusho oncikile (1)

5.1.6. Bhala ELINYE igama elisho okufanayo naleli elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo:
Sekuzovela imiphumela kuwo wonke umuntu obesebenza nobefunda ukuthi uwulungiselele kanjani uZibandlela. (1)

5.1.7. Khetha igama elifanele kulawa owanikeziwe bese ugcwalisa isikhala kulo musho olandelayo:
[ikati, ihhashi, ixoxo]
Alikho phela … eligxumela elinye. (1)

5.1.8. Sebenzisa leli bizo elilandelayo emshweni ozakhele wona libe umenziwa.
Abasebenzi. (2)

5.1.9. Guqula igama elikubakaki emshweni olandelayo libe ongumnini/ubumnini.
Izilwane (amanzi) zidla izingane. (1)

5.1.10. Phinda ubhale lo musho olandelayo ulungise amaphutha:
Uhamba nobani lomntwana (2)


5.2.
Bukisisa UMBHALO G bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO G (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

Screen Shot 2022-09-09 at 9.18.52 AM

5.2.1. Uchaza ukuthini uNkunzi uma ethi: ‘sengidle ukotini’? (2)

5.2.2. Ngokubona kwakho yimuphi umuzwa oqukethwe imicabango kaQwabe? Sekela impendulo yakho. (2)

5.2.3. Sebenzisa ibizo, ‘ibala’ emshweni ozakhele wona ukuze kuvele umqondo ohlukile kulona osenkulumweni kaNkunzi. (2)

[20]

AMAMAKI ESIQEPHU C: 40
AMAMAKI ESEWONKE: 80